Nkeshemba “ISIBAYA SIKABABA” Lyrics
[Intro]
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
[Verse 1]
Cha khona ngikhethe kahle
Uma ngikhethe umuntu omuhle kanjena
Uyojabula owami uma
Uyojabula, ejabule
Uyojabula umama
[Verse 2]
Cha khona ngikhethe kahle
Uma ngikhethe umuntu omuhle kangaka
Uyojabula owami uma
Uyojabula, ejabule
Uyojabula umama
[Verse 3]
Mama hlala phansi nayi indaba ngik’xoxele
Ngathi kulezinsuku senizom’bona umakoti wenu
Ngathi usezivezile umaqondana, impela uyena
Wangikhipha emjolweni mama wangifaka othandweni
[Verse 4]
Ubuhle bentokazi, uNobuhle igama lakhe
I-smile sakhe singenza ngiyogiya entabeni
Iphimbo lakhe lisho umzwilili emadlebeni
Ngizwa umnkenenezo osho kamnandi enhlizweni yami
[Verse 5]
Kusukela kudala sibuya kude naye
Ngangiqala ukum’bona wangi-chocka ngamehl’akhe
Wayithatha inhliziyo wayiphosa ekujelini wema
Wayinekeza uthando kwawukumuka kwami lokho
[Verse 6]
Ngicela uma utshela ubaba umxoxele ngaye
Umtshele ukuthi umalokazana wakhe
Umtshele ukuthi mina ngiyazifela ngaye
Umtshele ukuthi unenhlonipho akadeleli
[Verse 7]
Muhle umntanomuntu impela mama istetelezi
Isizotha esitholakala kuye, ukhuthele
Inkomo zikababa ziyowela emzini ofanele
Ngiyoyishaya iphelele impela mama kuhle kwethu
[Verse 8]
Muhle umntanomuntu impela mama istetelezi
Isizotha esitholakala kuye, ukhuthele
Inkomo zikababa ziyowela emzini ofanele
Ngiyoyishaya ‘phelele impela mama kuhle kwethu
[Verse 9]
Ngingas’qothula sonke isibaya sikababa
Abafwethu bayosala benani
Uma int’enhle itholaka kuwe
Uyilento efuneka kumama
[Verse 10]
Ngiyos’qothula sonke isibaya sikababa
Abafwethu bayosala belobola ngemali
Yonke int’enhle itholaka kuwe
Uyilento efuneka kumama
Uyilento efuneka kumfazi
Uyilento efuneka kumalokazane
Uyilento efuneka kumfazi
Uyilento efuneka kumalokazane
[Verse 11]
Ngiyos’qothula sonke isibaya sikababa
Abafwethu bayosala benani
Uma int’enhle itholaka kuwe
Uyilento efuneka kumama
[Verse 12]
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena (Ngiyosqothula sonke isibaya sikababa)
Ngaye ngazikhethela yena (Abafwethu bayosala benani)
Ngaye ngazikhethela yena (Uma int’enhle itholaka kuwe)
Ngaye ngazikhethela yena (Uyilento efuneka kumama)
Ngaye ngazikhethela yena
[Verse 13]
(Ngiyosqothula sonke isibaya sikababa) Ngaye ngazikhethela yena
(Abafwethu bayosala belobola ngemali) Ngaye ngazikhethela yena
(Yonke int’enhle itholaka kuwe) Ngaye ngazikhethela yena
(Uyilento efuneka kumama) Ngaye ngazikhethela yena
(Uyilento efuneka kumfazi) Ngaye ngazikhethela yena
Ngaye ngazikhethela yena
For more music click HERE