Blaq Diamond – Ngibonga Umama Lyrics

Blaq Diamond – Ngibonga Umama Lyrics

Lyrics For Ngibonga Umama By Blaq Diamond

Chorus]
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

[Verse 1]
Wonk’ amasonto ubungithatha uthi asambe siye enkonzweni (siye enkonzweni)
Isikhalo sakho nanamhlanje sisahleli la engqondweni (la engqondweni)
Wath’ umthandazo wenza ukuthi uSathane angasondeli
Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama

Mangikhul’ ubung’khanyisela ngekhandlel’ elimhlophe
Ubumxelel’ ukubana uThixo ezintlungwini az’ angjonge
Impel’ inkosi bekuningi okuthwel’ emahlombe
Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama

[Bridge]
Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto
Ngizokwenzela yonk’ into
Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto

[Chorus]
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

[Verse 2]
Ukusebenza kanzima ngakufundiswa nguwe nje
Noma ngilele ngigula, wen’ uzongi-nursa nje
Uyajabu’ umoya mangibona umoyizela nje
Unkulunkulu akugcine njalo, uzobona abazukulu bakho

Phela mina nawe ukhumbule siphum’ entluphekweni
Wangitshela into eyodwa ubohlala emthandazweni
Buka manje indodana yakho idumile emazweni
Ngizokulethela umolokazana ozovus’ umuzi kababa

[Bridge]
Shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele)
Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis’ umqhele
Awu ngithi shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele)
Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis’ umqhele

[Chorus]
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong’ umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

[Outro]
Ngiyabulela mama wami
Ngiyabulela mama wami
Akugcine usomandla
Ngiyabulela mama wami

You cannot copy content of this page