Inhlupheko – Big Zulu

Inhlupheko – Big Zulu

Ayi shun’wenkabi (Ngizomosha)

Sawubona mtanami nightemb’ ukuth’ uyaphila
Ngokwegama ngu Doris ngyabong’usuze wafika
Mzukulu lethamanzi uk’theng’ icold drink ngyafisa
Kodw’ Ikati lilele reziko sibonga umphefumulo masphila
Mntanami angixolise ukuk’moshela isikhathi
Okungenzeka ukuthi umatasa kodwa ngeke ngithath isikhathi
Mzukulu awulethe icansi umalume ake ahlale phansi
Angazi ng’zoqalaphi kodwa ngicel ukuqala phansi
Mangithi ngiya bheka umama ugcwele usizi
Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
Mzukulu uyahlakula kukhal igeja ugcwel insimu
Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
Mntanami angikusho lokhu mina ngazalelwa ukuhlupheka
Ngiyinhlekisa emphakathini nginana impuphu noshukela
Abanye bathi ngiya thakatha
Ngithule bengisukela
Angyazi injabulo kodwa ezulwini ngiyokhul leka

Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
WeJesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuwe (Shun’wenkabi)Intokozo
Mina eyami impilo inzima
Njengoba ubona amathuna bonke layikhaya bangishiya
Lo mntwana osemhlane yena ubabakhe wamphika
Kusele mina nomzukulu
Masihamba kuyosala inxiwa
Ngyazi isisho sithi alikho Ithuna lendlala
Lo mntwana engimtetile unina wamshiya ekhala
Lona omdala uhlale ebuza ukuphi umama
Wahamba eyofuna itoho akaphindanga wabuya ekhaya
Mntanami kunzima kunokuphela iviki ngadlile
Ngikhalela umzukulu abuye eskoleni elambile
Kodwa usebenza kanzima
Ukuba nekusasa eliqhakazile
Ukuthi uphuma enhluphekweni kodwa ezifundweni uhlal ephasile
Eqinisweni mnatanami mina ngyafisa ubaba angithathe
Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
Nali ithawula mntanami bengaqondile ukuthi ukhale

Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
WeJesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuwe
L’yaphuma l’yashona kimi ak’namehluko

Yebo ekukhuleni kwami nami ngakhulaa ngnamaphupho
Ngthula nje nglalele enkonzweni besh’amahubo
Sqalekiso sami ubaba wabamb’elentulo
Kwakhala nyonini laykhaya basqalekisa
Amathun’alen’ebalani kshod’elami ng’valelise
Bengaqondile ukudabukisa
Ngiyaxolisa mntanami ak’yon’inhloso nje ukubalisa
Namhlannje mntanami asazi siyolala sdleni
Indlela yokungsiza ukuyothengis’erankeni
Ngiz’vulel’itafuna qokele osheleni okunye ngoklala khona
Ng’vuke ngthengis’eskseni
Kunzima mntanami sidl’imbuya ngothi
Anglaz’icaalaa lami emhlabeni ngiyisoni
Kodwa seng’vumile injabulo angiytholi
Angik’khulule mntanami uhamb’ilanga lingakashoni

Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
WeJesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuweTranslate to English

You cannot copy content of this page